Ishonile indoda edubuleke ngephutha kuhlaselwa usomatekisi

2016-07-06 16:00

eNgonyameni - Useshonile owesilisa odubuleke ngesikhathi oshayasibhamu behlasela usomatekisi erenki yaseMlaza, kubika iSOLEZWE.

Empeleni izinkabi beziqonde ukuhlasela uMthokozisi Shozi, 31, kanye nomngani wakhe iXolani Linda,38, ngesikhathi kudubuleka uWellington Kweyama, 50 ehamba nendodakazi yakhe.

uShozi kanye noLinda bashonele khona enkundleni kanti uKweyama nendodakazi yakhe eneminyaka engu-12 ubudala baphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho ashonele khona uKweyama.

Kuthiwe sekunesikhathi izinkabi zazama ukubulala uShozi oyimenenja yerenki futhi unetekisi khona eNgonyameni, eMlaza, kodwa bahluleka kuze kube wukuthi bayambulala kulesi sigameko.

Kuthiwa uShozi ubesekuzwa ukufa kusondela ngoba wayazi ukuthi kukhona abamzingelayo. Cishe sebayishumi osomatekisi asebebulewe kulo mzila ohambela esiteshini saseMlaza kodwa ayikaze ingqikithi yale mpi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.