Ishonile indoda edutshulwe abazingeli bezitshela ukuthi ingulube

2017-02-13 08:01

Polokwane - Abazingeli ababili babulale indoda esebenza epulazini eneminyaka ebalekwa kwengu-20 ubudala bezitshela ukuthi isilwane, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe laba zingeli, owesilisa nowesifazane basePitoli bebezingela izingulube epulazini iMeisiesvlei eduzane naseTuinplaas eBushveld ngezithuba zabo-20:30 ngoMgqibelo nghesikhathi bezwa okukhushuzayo.

Owesilisa wabe esedubula ngalapho okuzwakala khona okukhushuzayo kwathi uma eseyobheka nophathina wakhe azingela naye bathola indoda idindilize phansi.

OLUNYE UDABA: Kubulawe abazingeli bobhejane

Le ndoda ayizange isinde.

UMojapelo uthe abazingeli bahamba bayobikela amaphoyisa ngokudubula isisebenzi sasepulazini, base bededelwa, babuyele emakhaya ePitoli.

Kuzwakale ukuthi le nddoa ebulewe ibisebenza epulazini elakhelene nalapho ebulawele khona kodwa abomndeni wayo bebengakatholakali kanti igama layo alikazukudalulwa baze batholakale.

UMojapelo uthe kubikelwe ukhomishana wamaphoyisa ngesigameko sokudubula wacrela ukubona amaphepha okuvulwea kwecala lokubulala ngokungenhloso.

UMojapelo uthe leli cala lingase liguqulwe kube ngelokubulala. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.