Ishonile indoda eshayiswe yimoto yayo eGoli

2018-03-26 12:30

Johannesburg - Ishonile indoda eshayiswe yimoto yayo esigamekweni esenzeke endaweni yokudlela ngesikhathi ithenga ukudla ewindini lakule ndawo eMidrand enyakatho yeGoli, kusho abosizo lokuqala ngeSonto.

Abe-Netcare 911 baphuthume endaweni yesigameko ngezithuba zabo-1:40 ngoMgqibelo kulandela imibiko yesigameko esenzeke endaweni yokudlela eseKyalami eMidrand, kusho uNick Dollman weNetcare 911.

"Imibiko evela endaweni yesigameko ithi isisulu besipake kude newindi okuthengwa kulo.

ÓLUNYE UDABA:Ushonile oshayiswe yimoto yabaleka

Ozibonele isigameko uchaze wathi isisulu sizame ukwehla emotweni kanti ngaleso sikhathi imoto izonyakaza yasishayisa.

Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko, le ndoda ibisangaphansi kwemoto.

Kuthe isitakuliwe kwenziwa imizamo yokuyiohlenga i-cardiopulmonary resuscitation (CPR), kodwa le ndoda eneminyaka ebalelwa kweko-50 ubudala, ivele yashona ngenxa yamanxeba ayo amabi.

Abezicishamlilo namaphoyisa akwaMetro nawo aphuthume endaweni yesigameko, kusho uDollman.


 - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.