Ishonile indoda okusolwa ukuthi ihlaselwe yimvubu iwelela kuleli

2017-10-13 18:00

Harare - Kusolwa ukuthi ihlaselwe yimvubu yashona indoda yaseZimbabwe ngesikhathi izama ukuwela ilibamngise eNingizimu Afrika ngokungemthetho.

Lesi yisigameko sesithathu sabantu abahlaselwa yizimvubu emfuleni waseLimpopo ezinyangeni ezintathu ezedlule.

Le ndoda kukholakla ukuthi ihlaselwe isendleleni eholela emfuleni waseLimpopo, empumalanga nomngcele iBeitbridge.

OLUNYE UDABA:Uyelulama owahlaselwa yimvubu

Okhulumela amaphoyisa utshele abezindaba iChronicle ukuthi isidumbu sale ndoda sitholwe osebenzela umkhandlu eduzane nechibi ngoLwesibili.

Isikhulumi, uPhilisani Ndebele, uthe le ndawo igcwele kakhulu izilwane zasendle, okubalwa nezimvubu zamanzi.

Eminyakeni emibili eyedlule, imvubu yabulala abantu abathathu kubalwa nengane, eduzane naseBeitbridge ngesikhathi bezama ukuwelela eNingizimu Afrika ngokungemnthetho.

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.