Ishonile ingane, 2, ewele emgodini obekushiswa kuwo udoti

2017-02-08 13:01

Cape Town – Zibuhlungu izakhamuzi zaseDelft, eKapa, ezivuke ngezindaba ezingezinhle ngokusha kwengane yomfana okuzwakale ukuthi ishe yangqongqa nodoti.

Kukholakala ukuthi le ngane yomfana eneminyaka emibili ubudala ibilokhu ivuthela umlilo kanye nezinye izingane ezimbili ezisencane ngesikhathi yona ingena emlilweni.

L engane, enguLulo Patekile, iwele emgodini lapho obekusha khona udoti, obushiswe ngumuntu omdala wawushiya kanjalo.

Isidumbu sale ngane sitholwe esigangeni esisekhoneni likaLeiden Avenue noSandriver Crescent ngoLwesibili ntambama.

OLUNYE UDABA: Ingane ishe yangqongqa, abanye basala bengenamakhaya ngenxa yomlilo

Le ngane ibonakale ilele ibheke phansi emgodini izungezwe wudoti nomantrasi oshile.

U-anti kaLulo, uNomfundiso Mswana, 41, ukhulume neDaily Voice njengoba umama wakhe obesakhungathekile, u-Asanda, ephuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuquleka endaweni yeisgameko.

UNomfundiso uthe uLulo ubedlala ngaphandle nezinye izingane ezintathu ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

"Ubedlala emnyango nabangani bakhe ngesikhathi oyedwa wabo egijima eyobiza u-Asanda emtshela ukuthi uLulo ungene emgodini futhi uyasha.

"Asazi ubani obase umlilo. Njengamanje kunzima kithina ukubhekana nalesi sigameko," kusho uNomfundo.

Indoda engaziwa ibase umlilo yase iwushiya kanjalo, uLulo nabangane bakhe bawuvuthela ngokulokhu befaka izinkuni namaphepha, uLulo wabe esengena kulo mgodi washa, washona, kusho umakhelwane.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel André Traut uqinisekise isigameko wathi isigameko siyaphenywa.

"Kuvulwe idokodo esiteshini samaphoyisa," kusho uTraut.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.