Ishonile ingane, 9, eshelele yangena edamini

2018-04-23 14:03

Johannesburg - Nakuba iphoyisa lizame ngakho konke okusemandleni, igcine ishonile ingane yentombazane eneminyaka engu-9 ubudala eminze ngemuva kokuba ishelele yaphoseka edamini elincane epulazini eliseBloemfontein, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa eFree State uPeter Kareli uthi iphoyisa elisebenzela uphiko lwe-K9 eParkweg lizwe ngo-ova ukuthi kunomuntu ominzayo epulazini elisendaweni yaseNavalsig.

"Iphoyisa kalizange linanaze, livele laphuthuma endaweni yesigameko. Kuthe uma lifika, lathola ukuthi ingane ibisicwilile - ingasabonakali - futhi besekuphele imizuzu elinganiselwa kweyishumi isemanzini ngesikhathi lifika.

OLUNYE UDABA: Lisesimeni esibucayi iphoyisa eliwele phansi liseladini

"Likhumule ngokushesha umfaniswano wamaphoyisa, langena emanzini.

"Kungakapheli nemizuzu engu-12 lisemanzini, iphoyisa liyitholile ingane layikhiphela ngaphandle.

“Isingaphandle, inikezwe abosizo lokuqala, bazama ukwenza i-CPR, kodwa ngeshwa yashona,” kusho uKareli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.