Ishonile ingane elunywe yinyoka ikha izithelo ehlathini

2017-01-29 08:16

Bulawayo – Kushone intombazane, 10, esigodini iMangwe eZimbabwe kulandela ukuthi ishaywe yimamba emnyama ikha izithelo ehlathini, kusho umbiko.

Ngokusho kwephephandaba elingaphansi koMbuso, iChronicle, uNewo Sibanda ubehamba nomfowabo omdala uFosi Sibanda, 15, ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ngoLwesine.

UFosi kuthiwa nguye obone lo feleba otshanini wase eqwashisa udadewabo, kanti uzothuka bese eyawunyathela.

Le nyoka ibe isimluma emlenzeni.

OLUNYE UDABA: Uzame ukugaya inyoka ngomshini wokuwasha

Umuntu obedlula ngendlela uzamile ukusiza le ngane ngokuyithwala ayiphuthumise esibhedlela, kepha ngeshwa yashona besasendleleni.

Izimamba ezimnyama zibalwa nezinye izinyoka eziyingozi kakhulu e-Afrika.

Ngonyaka owedlule, ingane yomfana eneminyaka engu-8 ubudala yalunywa yilolu hlobo lwenyoka yashona ngemuva kokungawutholi umjovo ofanele.

Lo mfana wayelunywe yile nyoka eqakaleni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.