Ishonile ingane eshayiswe yimoto ebihamba ngesivinini esikhulu

2017-09-09 13:29

eVaal - Kuthiwa ubephuthuma emshadweni umshayeli wemoto ebihamba ngesivinini esikhulu eshayise ingane yashona.

Kuthiwa uSiyabonga Khathi, 7, ubemi eduze komgwaqo ngesikhathi eshayiswa yimoto engazange ime esitombini yavele yaqonda kuye ngqo.

Le ngozi yenzeke endaweni yaseSmall Farms eVaal buqamama nekhaya lalo mfana oshonile.

OLUNYE UDABA:Ushayiswe yimoto washona obehamba ngezinyawo

Ubaba wakhe u-Oumani Moni,43, ubeshaqeke kakhulu ngalokhu okwenzekile utshele abe-Daily Sun ukuthi uzwe kukhala amasondo emoto sengathi ihluleka ukuma.

"Ngesikhathi kuphuma omakhelwane beyobona ukuthi kwenzenjani, nami ngiphumile, kanti ngiphuthuma ukuyobona indodana yami idindilizile,"kusho lo baba.

Lo baba uthi ubuze lo mshayeli ukuthi kungani athathe uSiyabonga emsusa lapho amshayise khona esikhundleni sokuba afonele amaphoyisa kanye nabosizo lokuqala.

"Akazange angiphendule, kanti ngithe ngiyithinta ingane yami ngabona ukuthi kayiphefumuli.

Le ngane iphuthunyiswe emtholampilo oseduze nokuyilapho eshonele khona.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Aubrey Moopeloa uthi kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso kodwa umshayeli akazange aboshwe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.