Ishonile ingane okusolakala ukuthi ikhingcwe wubisi enkulisa

2017-05-17 19:32

Johannesburg - Kushone ingane enezinyanga ezingu-19 izelwe enkulisa, iKleinmensies Nursery School, ese-Elardus Park, ngemuva kwezinsolo zokuthi ikhingcwe wubisi.

Uthishanhloko wale nkulisa, uRensche Nagel, uthe le ngane yomfana ishonele esibhedlela ngomhlaka-4 Meyi, kubika iRekord East.

"Isikole asibanga budedengu kulesi sigameko," kusho uNagel.

Uthe le ngane yanikwa ubisi ngezithuba zabo-11:00 esihlalweni sayo semoto, kwaqinisekiswa ukuthi ihlezi kahle.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa esokushona kwengane enkulisa

"Ngezithuba zabo-13:00, le ngane kanye nezinye ezimbili zathi ukulala kancane."

UNagel uthe izingane ezingu-8 zazibekwe egumbini okwakukhona kulo abasebenzi abane kanye naye, bezigadile.

"Ngemuva kwemizuzwana le ngane yalala, ngabe sengizwa omunye wothisha ethi kukhona inkinga ngengane."

Uthi wabe eseyithatha ingane wayiphuthumisa esibhedlela iKloof Mediclinic.

"Yayisabhekile. Ngashayela umama wayo ucingo ngimazisa ukuthi ingane ibe nenkinga nokuthi akaphuthume esibhedlela."

Uthe udokotela wathi le ngane ishone ngendlela engaqondakali.

"Uthe kuyenzeka ezinganeni uma ubisi lunyuka esiswini. Izingane zibe seziluphefumula ubisi bese ziyaxhileka. Izingane eziba nale nkinga ngokujwayelekile azibangi msindo ukuze kuqapheleke ukuthi zisenkingeni."

Amaphoyisa awatholakalanga ukuphawula.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.