Ishonile ingane yowesifazane okhulelwe oshayiswe yimoto eCar Wash

2016-08-17 13:30

Pretoria – Owesifazane obekumele abelethe kuleli sonto olahlekelwe yingane yakhe ngesikhathi isisebenzi salapho kugezwa khona izimoto simgandaya ngemoto, eGezina, ngoMgqibelo.

Kuthiwa lesi sisebenzi besingagunyaziwe ukushayela le moto, kubika iNetwerk.

Okhulumela igalaji lakwaSasol u-Alex Anderson uthe uBelinda Louw, 35, ubelinde imoto yakhe isagezwa ngesikhathi isisebenzi sizama ukugudluza iToyota Fortuner, kanti imoto izophaphalaza.

OLUNYE UDABA: Kushone ingane owesimame eshayiswa yitekisi

"Isisebenzi siphunyukwe yimoto yaphaphalaza yayoshayisa uLouw,” kusho u-Anderson.

ULouw ubesenamasonto angu-38 ezithwele kanti indodana yakhe ubezoyibeletha ngomthungo ngoLwesihlanu. Igama layo bekuzoba nguRyan.

ULouw kuthiwa ubangwa nezibi esibhedlela.

Amaphoyisa aphenya isigameko sokushayela budedengu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.