IShoprite Holdings ihlawuliswe u-R1 million

2017-09-06 16:02

Johannesburg - IShoprite Holdings Ltd ihlawuliswe u-R1 million ngokuhluleka ukuhlolisisa ukuthi ngabe amakhasimende angakwazi na ukuboleka imali.

Lesi sinqumo sithathwe ngabeNational Consumer Tribunal ngoLwesithathu.

Kuthiwa le nkampani eyenze imali engano-R141 billion ngonyaka wezimali odlule, iyalelwe ukuba ikhethe umeluleki osebenza ngezikweletu okuzoba nguyena ozoqondisa lesi simo.

OLUNYE UDABA: Sifune inhlawulo isangoma 'ebesishayela sibundlonyile'

“Lesi sinqumo sikhishwe ngemuva kophenyo olwenziwe ngabeNational Credit Regulator (NCR) oluveza ukuthi iShoprite yenza izivumelwano zezikweletu namakhasimende ngaphandle kokuhlolisisa ukuthi azokwazi na ukuzikhokha,” kusho uMqondisi-Jikelele we-NCR uNomsa Motshegare.

Kuthiwa kwesinye isikhathi le nkampani yayibala ngisho imali yomuntu osuke eshade nalowo obolekayo, ikala ngaye ukuthi umboleki uzokwazi ukuyikhokha imali.

I-NCR izimisele ngokulufakela izibuko lolu daba njengoba ikhala ngokuthi abantu bakuleli bacwile ezikweletini futhi abasebenzi, kodwa phezu kwalokho babolekwa imali.

Le nhlawulo imayelana nezitolo zale nkampani ezidayisa ifenisha lapho abantu bephoqeleka ukuba bathathe ngesikweletu ngenxa yokuthi kunzima ukuthenga osofa ngokheshi.

Lesi sitolo asitholakalanga ukuphawula ngalolu daba, kubika iThe Citizen.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.