Ishumpuleke umunwe ingane iciphizwa isicabha kaMcDonald

2016-12-29 11:31

Durban - Kutatazele wonke umuntu esitolo sokudlela iMcDonalds, eseBallito ngoLwesibili ngesikhathi umfana eshumpuleka umunwe kugankazeka isicabha.

Okhulumela abosizo lokuqala i-IPSS Medical Rescue uPaul Herbst uthe abosizo lokuqala baphuthume endaweni yesigameko bafica lo mfana olimele ebambe isandla sakhe.

OLUNYE UDABA: Ushumpulwe isandla obegqekeza

"Lo mfana ulimale ngesikhathi engena emnyango wakwaMcDonald, kwabhaklazeka isicabha waciphizeka. Abosizo lokuqala belaphe lo mfana oshumpuleke umunwe ngephutha," usho njalo.

"Lo mfana ulashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane nge-ambulensi," kusho uHerbst.

Uthe odokotela bazozama ukuwuphindisela umunwe walo mfana.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.