Isibindi owesifazane ethuthela emzini ngemuva kokubulala umyeni

2016-07-12 14:33

Harare - Owesifazane ube nesibindi sokuthuthela emzini aphinde ondliwe ngabasemzini ngemuva kokubulala umyeni wakhe obekunguye obondla umndeni wakhe.

Lo wesifazane waseBulawayo eZimbabwe usolwa ngokugwaza abulale umyeni wakhe ngommese ngaphambi kokushisa isidumbu efihla ubufakazi.

ULakela Sweswe, 23, usolwa ngokubulala umyeni wakhe u-Anifa Mluazi ngemuva kwengxabano ayesolwa kuyo ngokujola.USweswe utshele abaphenyi ukuthi wahlala nesidumbu izinsuku ezimbili ngaphambi kokusishisa. Wabe eseyohlala nabasemzini eKensington amasonto amathathu ngemuva kwesigameko.

OLUNYE UDABA:Ubulale amadodakazi efuna ukuzwisa umyeni ubuhlungu

USweswe akazange abatshele abazali bomyeni wakhe ukuthi useshonile kunalokho wenza sengathi usebenzela kude nasekhaya njengenjwayelo ubehamaba amasonto amathathu ekhaya ngokomsebenzi.

Amaphoyisa abizelwa emzini walezi zithandani ngemuva kokubaleka kwenkukhu yakwamakhelwane, abahamba bayoyibheka, kuthe besayifuna bahlangabezana nesidumbu sikaMlauzi.

Omakhelwane bathi lezi zithandani bezihlezi zilwa uma uMlauzi efika ekhaya ephuze uphuzo oludakayo nokuthi wayeyindoda enesikhwele engafuni ukubona unkosikazi wakhe eduze komunye umuntu.

Lezi zithandani zinezingane ezimbili, eyodwa ineminyaka emibili ubudala kanti enye inezinyanga ezingu-9 izelwe.


Amaphoyisa aqinisekise ukuboshwa kukaSweswe, " osolwa ngokubulala umyeni wakhe ngesikhathi kuqhubeka ingxabano."

USweswe ubvelile enkantolo ngecala lokubulala kanti ubengakayitholi ibheyili, kubika iWWWW.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.