Isibindi sentombazane ethunjwe eFilidi sisindise namanye eNquthu

2017-06-13 14:01

Durban – Intombazane eneminyaka engu-18 ubudala esinde namanye amane bethunjwe amadoda abebahambisa eMaputo, eMozambique.

Le ntombazane edabuka eFilidi ithunjwe isendleleni eya ekhaya elokishini laseBhekuzulu ngoLwesibili olwedlule.

“Le ntokazi ithunjwe isendleleni eya ekhaya kanti kuthiwa ibigcinwe namanye amane eNquthu. Le ntombazane ithe ngesikhathi besagcinwe kule ndawo abasolwa bazama ukuyidayisa,” kusho uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uWeziwe Thusi.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe la mantombazane abegcinwe kulo muzi atholakale kuwo ngesikhathi abasolwa besalinde ukukhokhwelwa imali yokuwahambisa eMozambique.

NgoLwesihlanu ezintatha, le ntombazane yaba nesibindi yakwazi ukuphunyula yahammba ngezinyawo iphindela ekhaya.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa abasolwa kulandela ukudutshulwa kwephoyisa eMamelodi

Yafika ekhaya yatshela umama wayo konke okwenzeka, wabe esebikela amaphoyisa okuyiwo asukuma ngokushesha ayogasela kulo muzi.

Kwabe sekuboshwa abasolwa ababili abaseminyakeni ephakathi kuka-20 no-27 ubudala ngecala lokushushumbisa abantu.

“Siyayihalalisela le ntombazane ngokuhlakanipha kwayo, ngoba ukube ayizange ibe nesibindi sokubaleka, bebengeke basinde nalaba abanye ebithunjwe nabo,” kuqhubeka uThusi.

Ubaba wale ntombazane uthi namanje isavevezela ngoba isacabanga ukuthi kuyiphutha layo ukuba ithunjiwe, kubika i-Daily News.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.