Isiboshwa silahlwe phansi ngenhlamvu sizama ukweqa enkantolo

2017-10-10 12:31

Mthatha – Isiboshwa ebesilinde ukuqulwa kwecala laso siquthuzwe yiphoyisa ngenhlamvu sashona sizama ukweqa eNkantolo eNkulu yase-Eastern Cape, eMthatha, ngoMsombuluko ntambama.

Elinye iphoyisa ebelikhona endaweni yesehlakalo ligwazwe amanxeba ambalwa ngumsolwa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Mzukisi Fatyela, uthe lesi siboshwa, 32, besiyingxenye yamadoda ayisikhombisa abezovela enkantolo mayelana necala lokubulala elenzeka ngo-2010.

Uthe laba bavele enkantolo ntambama kwathi ngemuva kokuba icala lihlehliselwe usuku olulandelayo, la madoda aqhutshwa ayiswa emotweni ebizowaphindisela ejele eliseWelliungton, eMthatha.

OLUNYE UDABA: Sehlisiselwe isigwebo isiboshwa esamithisa ojele

"Kuthe iziboshwa zisaphelezelwa kanjalo, esinye sazo sahlasela iphoyisa sase siyaligwaza emzimbeni," kusho uFatyela.

UFatyela uqhube ngokuthi lesi siboshwa sibe sesidlulela ephoyiseni lesibili, sisaphethe ummese. "Leli phoyisa liqale ladubula emoyeni lixwayisa isiboshwa kepha kwazinhlanga zimuka nomoya, lagcina selishaye enyameni, sashona," esho.

UFatyela uthe leli phoyisa lokuqala liphuthunyiswe esibhedlela kanti lisesimeni esikahle.

Kube sekwaziswa i-IPID ngalesi sigameko, yanikela endaweni yesigameko.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.