Isibuyele kunina ingane ebinyamalele noyise

2017-05-23 16:00

Pretoria - Ingane yentombazane enezinyanga ezingu-8 izelwe eyahlwithwa nguyise emotweni kanina ibuyiselwe emndenini wayo ngoMsombuluko ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Matthews Nkoadi uthe umsolwa ingane uyishiye emzini kagogo wayo ngoMsombuluko ntambama ngemuva kokuba ingane ibisiduke izinsuku ezinhlanu.

Lo baba ube esebaleka futhi, kubika iNetwerk24 ngoLwesibili.

"Ugogo nguye othathe ingane wayihambisa emaphoyiseni, yase idluliselwa esibhedlela iyohlolwa. Okwamanje ingane isasesimeni esikahle ngokwempilo kanti futhi azikho izimpawu zokuhlukunyezwa.

OLUNYE UDABA:Isimanga indoda ibhokoda ingane, 3, kubangwa i-TV

"Ukuthungathwa kukababa wengane kuyaqhubeka. Ubhekene necala lokuthumba," kusho uNkoadi.

Amaphoyisa ngaphambilini abethe umama wengane, 29, nesoka lakhe, 38, bebesanda kuhlukana.

Ngomhlaka-17 Meyi, umama nengane wayeshayela imoto yakhe eya eSoshanguve, ePitoli, ngesikhathi kuqhamuka imoto emhlophe yohlobo lwe-Mercedes-Benz imvimba.

"Le moto yayishayelwa ngubaba wengane, kanti lo wesifazane wazama ukubaleka kodwa lo wesilisa waphihliza iwindi lemoto ngesitini."

Ngokuphazima kweso wavula isicabha wathatha ingane isesihlaweni sayo, wathatha nesikhwama samanabukeni wabaleka.

"Wayazi kahle ukuthi wenzani," kusho uNkoadi.

Umama wabe eseshayela amaphoyisa ucingo ebika ngecala lokuthunjwa kwengane.

"Amaphoyisa azama ukuxhumana nomsolwa ethi akabuyise ingane. Ukuphepha kwengane yikho obekusemqoka. Yingakho amaphoyisa azama ukumenza ukuthi asebenzisane nawo ebe ezama nezinye izindlela zokuthi agcine eseyibuyisile ingane.

"Umsolwa ubelohku exhumana namaphoyisa ewathembisa ukuthi uzoyibuyisa ingane, kodwa ngemuva kwalokho wavele wanyamalala nayo," kusho uNkoadi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.