'Isicoco se-TKO singaba yisipho esihle sikaKhisimusi kubalandeli'

2017-10-26 18:00

Johannesburg - Umdlali weKaizer Chiefs uJoseph Molangoane uthi ukunqoba isicoco seTelkom Knockout Cup sika-2017 kungaba yisipho esihle sikaKhisimusi kubalandeli babo.

Amakhosi azobhekana namaZulu eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, mhlaka-28 Okthoba, emzuliswaneni wokuqala weTelkom Knockout.

Ekhulumula kwi-website yeChiefs, uMolangoane udalule ukuthi kuyamjabulisa ukuphinde athole ithuba lokudlala futhi, ngemuva kokudlala okokuqala emdlalweni we-Absa Premiership selokhu kuqale isizini ka-2017/18 ngesikhathi iChiefs ishaya ngo-2-1 iMamelodi Sundowns.

“Kumnandi ukubuya. Lena bekuyimidlalo emibili esezingeni eliphezulu (oweSundowns nePirates). Sithole amaphuzu amane kule midlalo, okuyimiphumela engemibi neze,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala kwi-website yeChiefs.

OLUNYE UDABA: UPitso uphika eyokuthi babhekene nenkinga eChloorkop

Lo mdlali uphinde wakhuluma ngomdlalo wabo ozayo weTelkom Knockout.

“Ngiyakuthanda ukudlala eThekwini ngoba uma sidlala khona, abalandeli bethu bagcwalisa inkundla.

“Wonke umuntu ekilabhini uyasifuna lesi sicoco, kungaba yisipho esihle sikaKhisimusi kubalandeli bethu, abalokhu bethembeke kanjalo kithina.

“Kodwa iseyinde indlela. Kuzomele sibhekane nomdlalo ngamunye, siqale ngokudlula kumaZulu ngoMgqibelo,” esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.