Isidumbu somshayeli wesithuthuthu sitholakale eceleni komgwaqo

2017-07-22 13:59

Centurion - Owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala ushonile ngemuva kokuthi isithuthuthu sakhe singeme ngemuva kweveni.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ntambama emgwaqeni uSolomon Mahlangu Drive eCenturion.

Abe-ER24 bafike endaweni yesigameko bathola imoto kanye nesithuthuthu zimi phakathi komgwaqo.

Umzimba womshayeli wesithuthuthu utholakale eceleni komgwaqo.

OLUNYE UDABA:Sifahlake saphela isithuthuthu engozini

URussel Meiring okhulumela abezimo eziphuhumayo uthe ngesikhathi behlola umshayeli wesithuthuthu ubenganyakazi.

Bazamile ukwenza i-CPR kodwa lutho ukunyakaza, ngemuva kwemizuzu engu-30 bezama ukuhlenga impilo yakhe, kubonakele ukuthi useshonile.

Iminingwane yale ngozi ibingacacile kahle kodwa amaphoyisa asaphenya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.