Isifiso sikaNgqongqoshe 'ngabathakhathi'

2017-10-12 13:31

Durban - Ugqugquzele ukusungulwa kwamakomidi azobhekana ngqo nezalukazi esezinemiqondo engasabambi kahle, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uWeziwe Thusi, ngoba ethi uzama ukunqanda ukubulawa kwazo ezindaweni zasemakhaya uma zinukwa ngokuthakatha.

NgoLwesibili lwesishingishane esibhubhise ezindaweni ezigudla ulwandle kubalwa neTheku, uThusi ubephume umkhankaso wokuvakashela izindawo ezahlukene eziseningizimu yeKwaZulu-Natal, kubalwa naseKokstad, eyovula izakhiwo zomphakathi, izikole zojahidada zikanokusho nokuyoxoxa nemiphakathi ukuba kube bamakomidi azogqugquzela ukwazana kwabantu.

EKokstad yilapho ekhulume khona eyokuvikelwa kwezalukazi ezisuke zisolwa ngokuthakatha kwazise kule ndawo esemngceleni weKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape, ubhokile lo mkhuba - izalukazi ziye zitholwe zizihambela nje noma zihhema, besezisolwa ngobuthakathi, zibulawe.

OLUNYE UDABA:Kubulawe isalukazi emzini waso eThekwini

Lapha kukhulunywe kakhulu nge-Alzheimer okuyisifo sokukhohlwa, okuthiwa sihlasela kakhulu asebekhulile, abahlaselwa kakhulu nayisifo sikashukela - abanye abantu kuze kube sengathi balahlekelwa wimqondo.

Ethula inkulumo yakhe, uThisi phambi kwezinkumbi zabantu ezidele amakhaza zagcwala ithende, uthe kufanele kugqugquzelwe ukwazana nokuba imizi enezalukazi esezikhulile, yaziwe endaweni kuthi uma kukhona esitholwe sigcaluza singazi nanyaka abantu basisize basihambise emzini waso kunoba basibulale.

Kulo mcimbi uThusi uvule ngokusemthethweni isikole sojahidada esidle uR6 million. IMeya yaseKokstad, uBheki Mtolo, inikele ngomhlaba ongamahetha angu-10 ukuze umnyango wakhe isikhungu esizokuba yindawo yokondla amalungu omphakathi ahlwembpu.

Lapha kuzophekwa ukudla okuhlelekile kuphinde kuvuleleke namathuba emisebenzi kubantu bendawo.

Lesi sikhungo sizibizwa ngeCommunity Nutrition Centre (CNDC). Uhlelo lokwakhiwa nokusebenza kwaso kukotshelwe eBrazil, ekungelinye lamazwe anobudlelwano neNingizimu Afrika njengoba liwuzakwabo kwiBrics (Brazil, Russia, India, China neNingizimu Afrika) kodwa lubizwa ngePopular Restaurant phesheya kwezilwandle.


  - ILANGA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.