Isifunda se-ANC eKZN sifuna uRamaphosa abe ngumengameli olandeyo

2017-08-22 11:05

Port Shepstone – I-ANC KwaZulu-Natal ngaphansi kwesifunda iLower South Coast ifuna iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa kube yilona elithatha izintambo zokuhola i-ANC uma sekuphuma uMengameli Jacob Zuma ngoDisemba.

"Simbona njengomholi ongakwazi ukuhola. Akusiyona into enhle nefanele ukuba umuntu kuthiwa ungumholi ngoba eqhamuka KwaZulu-Natal. URamaphosa ufanelwe ukuba ngumengameli wezwe,” kusho uMzwandile Mkhwanazi, onguNobhala wesiFunda, ngoMsombuluko ebusuku.

Ubekhuluma nabalandeli be-ANC Esayidi TVET College, esikhungweni saseGamalakhe.

"Asinalo uvalo, imibono yethu sizoyikwakalisa, ngaphandle kokwesaba.”

OLUNYE UDABA: Ufuna ukunxeshezelwa nguNgqongqoshe wamaPhoyisa owadutshulwa yisoka lakhe

Lesi sifunda sifuna uRamaphosa athathe izintambo kuZuma, nakuba uSihlalo wekomidi eliphezulu KwaZulu-Natal uSihle Zikalala yena azwakalisa ukuthi bafuna kube nguNkosazana Dlamini-Zuma.

Uthe lesi yisikhathi esinzima ngoba labo abasemandleni aphezulu enhlanganweni bayayicindezela imibono yalabo abangenawo amandla.

URamaphosa bekulindeleke abeyingxenye yalo mhlangano kodwa wangaphumelela ngenxa yokubambeka komunye umhlangano.  

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.