Isifundazwe i-KZN sicela iminikelo ukulungisa umonakalo wesiphepho ongu-R2bn

2017-11-03 18:01

Durban – Uhulumeni waKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu uvule i-akhawunti yasebhange ukuthola iminikelo kumalungu omphakathi ukulungisa umonakalo wesiphepho esahlasela isifundazwe ngo-Okthoba 10.

Emcimbini wokwethula i-akhawunti obuseMhlanga, enyakatho yeTheku, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu udalule ukuthi umonakalo ungaphezu kuka-R2bn.

Kwacekeleka phansi izikole ezingaphezu kuka-100, amakhaya abalelwa ku-9 300, yizibhedlela, imigwaqo namabhuloho.

Bangu-16 abantu abashona ngenxa yesiphepho, ngokusho koMnyango.

UMnyango uphinde wadalula ukuthi bangu-38 abantu ababulawe yizinhlekelele zemvelo phakathi kukaSepthemba no-Okthoba kulo nyaka.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe ngamacala owezwakala kwi-video ecwasa iphoyisa ngokwebala

Kudingeka imali engu-R470m ukulungisa imigwaqo namabhuloho, u-R210m ukulungisa izikole no-R103m ukulungisa izibhedlela, kusho uMnyango.

UNgqongqoshe woMnyango uNomusa Dube-Ncube unxuse abamabhazinisi kanye nabantu nje uqobo ukuba basize uhulumeni ngeminikelo.

Uphinde wathi akudingeki nje kuphela imali kodwa namavolontiya, ukusiza ithimba lezinhlekele ngalesi sikhathi sasehlobo.

I-akhawunti ongafaka kuyona imali:

Account name: KZN Cogta fund 2017

Bank Name: Absa

Account No:40-9313-5105

Account Type: Cheque

Branch: Public Sector-KZN

Branch Code: 632005

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.