Isifundazwe sase-KZN sonke sizoba nogesi - uNdunankulu

2016-07-28 14:32

Ladysmith - Umengameli wezwe uhambele eMnambithi lapho kuvulwe khona iyunithi ezosiza ngokuphaka ugesi, kubika iLadysmith Gazette.

Umengameli uJacob Zuma ehambisana nondunankulu wesifundazwe uWillies Mchunu, uNgqongqoshe wezemisebenzi uLynne Brown kanye neMeya yaseMnambithi iNgula Unite 4 ngoLwesithathu.

Ingula uhlelo olungaphansi kuka-Eskom olusebenza ngokupompa kanye nokugcina ugesi.

UNdunankulu uthe u-81% wezindawo zakwaZulu-Natal zinawo ugesi kanti okuka-19% ongenawo ugesi sekuzolunga ngalolu hlelo..

OLUNYE UDABA:Bathi bazoqhubeka nokubhikisha abafuna ugesi eGoli

Ukuvulwa kwaloluhlelo lweNgula kuzosiza kakhulu ekuphakeni ugesi. UMengameli uthe iNgula ifake imali engaphezu kuka-R3.5 bliyoni kumasipala iPhumelela eFree State kanye nomasipala u-Alfred Duma Local Municipality kanye noThukela.

“Ingula isidale amathuba emisebenzi ezindaweni eziningi zasemakhaya kulaba bomasipala abangenhla futhi sinethemba lokuthi lokhu kuzokhula kusabalale nakwabanye omasipala,”kusho uZuma.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.