Isifundazwe saseWestern Cape siphakathi kwembokodo nesisekelo

2017-06-08 19:30

Durban - Umnyango wezinhlekelele esefundazweni saseWestern Cape ubhekene nomqansa womsebenzi.

Ivolontiya lezicishamlilo ePlettenberg Bay uBradley Richards uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokulimala kubhulwa ilangabi eKnysna.

“Odokotela kanye nezingcweti bathi uRichards uzohlinzwa uma sesidambile isimo sakhe, kodwa okwamanje kusebucayi kakhulu,”kusho uNorman Doyle ongubaba wakhe.

Iziphathimandla kulesi sifundzwe zikuqinisekisile ukuthi isimo sibi kakhulu njengoba umsebenzi umkhulu ngokweqile.

Idolobha laseKapa lihlaselwe yisiphepho esibi kakhulu kanti ngoLwesine ekuseni liqale ukukhithika nokuyinto ebingalindelekile.

Kwezinye izingxenye zalesi sifundazwe eKnysna, Plettenberg Bay kanye nePort Elizabeth zikhungethwe wumlilo obhebhetheka ngendlela engalawuleki.

OLUNYE UDABA:Namhlanje sikhumbula inhlekelele eyenzeka enkundleni i-Ellis Park

Siyanyuka nesibalo sabantu abashonile kusukela ngoLwesithathu kanti zibalelwa ku-10 000 izakhamuzi ezisale dengwane ngenxa yomlilo.

“Okwamanje sisagxile ekubhuleni ilangabi eSouthern Cape ngoba libonakala likhula kakhulu futhi lingalawuleki,”kusho uColin Deiner okhulumela umnyango wezinhlekelele kulesi sifundazwe.

UDeiner uthi zibalelwa ku-250 izakhiwo ezilimale kulo mlilo edolobheni laseKynsna kuphela kanti isimo sicishe sifane nakwezinye izindawo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.