Isifunelwa esinye isikole ingane ebihlukunyezwa ngezinye esikoleni

2018-03-20 11:00

Durban - Ushaqekile ubaba ngemuva kokuzwa ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka engu-7 ubudala igwazwe edolweni kwathi kwesinye isigameko yaphoswa iziqhwaga eweni.

Igama lalo baba angeke lidalulwe ukuvikela indodakazi yakhe.

Lo baba uthe indodakazi yakhe yenza u-Grade 2 esikoleni iDurban Primary yahlaliswa egumbini labagulayo ngoMsombuluko odlule kwatholwa ukuthi inesifo sokucindezeleka ngokwengqondo.

Undodakazi wangitshela ukuthi wagwazwa edolweni ngemfoloko ezigamekweni ezimbili ezahlukene, igwazwa ngomunye umfana esikoleni ngenyanga edlule.

OLUNYE UDABA:Umisiwe esikoleni oshaye isiqhwaga ngesibhakela

NgoLwesithathu olwedlule, abangani balo mfana bamuqaqa ibhande lakhe okhalweni bamubopha ngalo imilenze base bemudushela eweni.

"Uhlukunyezwe ngabafana abangu-9 nabo abenza u-grade 2. Indodakazi yami yathi lo mfana uthe uzofika nobaba wakhe ophatha isibhamu ezomlungisa.

"Lokhu kuholele ekutheni ingane yami ithule. Size sathola ngalokhu kunyukunyezwa ngoba isigwazwe edolweni ngemfoloko," kusho ubaba wale ngane.

"Uthishanhloko usefihla ihlazo ngokuhluleka kwabo ukubhekana nalolu daba njengoba esethi mina ngihlangene nabanye othisha kulolu daba."

Lo baba uthe wakhuluma nabanye abafundi ukuthi bangesabi ukukhuluma nabazali babo mayelana nokuhlukunyezwa.

Lo baba uthe ufuna kuphele ukuhlukunyezwa kwabanye abafundi wathi ufuna ukubagqugquzela ukuba bakhulume bangesabi. Uthe isikole sesibonene nabazali balabafana abasolekayo ngoLwesihlanu.

Abazali bakuphika ukuthi amadodana abo engenza into enje aze ekholwa ngoba sekukhuluma indodakazi yalo baba.

Lo baba usenza imizamo yokutholela indodakazi yakhe esinye isikole.

UKwazi Mthethwa woMnyango wezeMfundo uthe iziphathimandla ziyaphenya.

"Asihambisani nobuqhwaga ezikoleni kanti uma seluphothuliwe uphenyo kuzothathwa izinyathelo ezifanelekile kulolu daba."


 - Daily News

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.