‘Isigebengu’ sizame ukuqola olingisa kuGenerations

2017-08-22 11:03

Johannesburg – Ngemuva kokusinda ekuqolweni, umlingisi weGenerations: The Legacy ophinde abe ngumsakazi, uThando Thabethe, unikele ezinkundleni zokuxhumana ukuxwayisa abanye.

Emibhalweni yakuTwitter elandelanayo uchaze ngokuthi ufonelwe kanjani ngumuntu ezenza uNdunankulu waseFree State ophinde abe nguSihlalo we-ANC kulesi sifundazwe, u-Ace Magashule. “Ngakho kunomuntu obezama ukungiqola. Wafonela imenenja yami ezenza u-Ace Magashule efuna ukukhuluma nami ngqo futhi ngokushesha,” lo saziwayo ubhale kanjalo kuTwitter.

OLUNYE UDABA: Usenohlelo lwakhe kumabonakude oshiye kuGenerations

UThando uthi ube esemfonela lo wesilisa nobe esekhuluma ngentombazane ebisele dengwane futhi idinga usizo.

“Uthi usefonele uBasetsana Kumalo nothe akekho edolobheni futhi umluleke ngokuthi afonele yena ukuze athole usizo,” ubhale kanjalo kuTwitter, engeza ngokuthi: “Kahle hle uthi le ntombazane idinga imali kaphethiloli kanye nokuthi [kumele ngithumele imali] nge-Ewallet njengoba imali amthumelele yona ingaveli.”

Kodwa-ke ngenhlanhla lo mlingisi ube esezibuza ukuthi kungani uNdunankulu ebezofonela yena ukuze amcele imali. Ube esexwayisa abantu ngokuthi bahlale njalo beqaphile, wathi lokhu kwenza ukuthi kube nzima ukuhlukanisa phakathi kwabantu abadinga usizo ngempela nabaqolayo.

Zifundele eminye yale mibhalo kaThando kuTwitter: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.