Ohio - Ibhekene namacala amabili indoda ngemuva kwezinsolo zokuzidubula esithweni sayo sangasese ngesikhathi iphanga egaraji, lokhu kungokusho kwamaphoyisa e-Ohio.
Le ndoda ibhekene namacala amabili elokubamba inkunzi ihlomile nelokutholakala nesibhamu esingenho emthethweni.
OLUNYE UDABA: Kutholakale ummese emzini okwabulawa kuwo izingane
Amaphoyisa aseCleveland athe isigameko senzeke ngoMsombuluko egaraji iMarathon eliku-E. 55 eduzane naseWoodland.
Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa lesi sigebengu sazama ukubamba inkunzi abantu ababesemotweni, sazama ukuhosha isibhamu okhalweni kodwa savele sabambeka sadubula.
Inhlamvu ishaye induku. Umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela iMetroHealthCenter lapho alashelwa khona.
Umsolwa uzoboshwa athswe icala uma esephumile sibhedlela.
Izisulu ebezisemotweni abalimalanga, kubika iWorldwideweirdnews.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze
uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter