Isiguli, 17, sisola udokotela ngokusidlwengula

2017-10-11 12:31

Durban - Udokotela oneminyaka engu-52 ubudala ungaphansi kophenyo kulandela isikhalazo esifakwe yisiguli sesifazane esineminyaka engu-17 ubudala esikhala ngokuthi usidlwengulile, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Lo dokotela ukhalelwe ngamamsongo kaSigonyela eRitavi ngaphandle kwasTzaneen.

Ngokwesitatimende esikhishwe nguLt Col Moatshe Ngoepe, uthe: "Kusolakala ukuthi ngomhlaka-9 kwephezulu ngabo-16:00‚ le ntombazane yaya lapho kusebenzela khona lo dokotela elokishini iNkoankoa ngoba ingaphilile.

OLUNYE UDABA: Uvelile unesi kwelokudlwengula isiguli

"Kuthe uma ifika egumbini isiyobonana nodokotela, umsolwa waqala ukuyixilonga kwathi kusenjalo wayidlwengula."

Lolu daba lwabe selubikelwa amaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi, kusho uNgoepe.

Umsolwa wabe esegaxwa ozankosi ngemuva kophenyo lokuqala.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseNkoankoa ngoLwesine. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.