Isihlabani sithi isicoco seseligi sesibaphunyukile

2017-12-20 14:00

Johannesburg - Isihlabani seBidvest Wits, uThabang Monare, sithi kungabe bazenza izimpumputhe uma bengacabanga ukuthi basangakwazi ukuvikela isicoco seligi kule sizini njengoba behlezi emsileni.

AmaClever Boys anqobe isicoco seligi okokuqala ngesizini edlule kodwa kule sizini izinto zehlukile njengoba besawine imidlalo emibili kuphela emidlalweni engu-14.

UMonare ukholelwa ukuthi ikhefu likaKhisimusi lifike ngesikhathi esifanele kubafana bakaGavin Hunt, abathathe isicoco seTelkom Knockout ngasekuqaleni kwenyanga.

"Ikhefu lizosisebenzela,” kusho lo mdlali owayegijima kwi-Jomo Cosmos ekhuluma neKickOff.com.

OLUNYE UDABA: Owayengumdlali wePirates usevumile ukusayina kwiWits

"Ukukhuluma iqiniso nje… uma sibuka indawo esihlezi kuyona kwilogi ngicabanga ukuthi ngabe siyazikhohlisa uma sicabanga ukuthi singavikela isicoco seligi.

"Okumele sikwenze nje wukuthi sizame ukusuka kule ndawo esihlezi kuyona. Ngeke sikhulume ngesifuna ukukwenza, sifuna ukusuka nje kule ndawo. Sifuna ukuba sendaweni engcono kwilogi.”

IWits izoze idlale umdlalo wayo olandelayo neFree State Stars eBidvest Stadium ngoJanuwari 5.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.