Isihluku indoda ibulala, ishumpula uyise ikhanda yamsika nomphambili

2017-04-06 11:03

Pretoria - Kutholwe isangoma esineminyaka engu-52 ubudala sishumpulwe ikhanda sasikwa nomphambili ngemuva kwezinsolo zokubulawa yindodana yaso ngaphandle kwasePitoli ngoLwesibili.

Kusolwa ukuthi inkosikazi nendodakazi yaso babehlezi ngaphandle ngoLwesibili ntambama ngesikhathi lesi sangoma nendodana yaso silalele umculo endlini endaweni yaseMakaunyane, kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Thembi Nowathe.

"Inkosikazi nendodakazi bezwe kuqhuma isibhamu endlini. Ngesikhathi bezama ukungena ngaphakathi endlini beyobheka ukuthi kuqhubekani, indodana, 31, kusolwa ukuthi yazama ukubavimba ukuba bengangeni ngaphakathi," usho njalo.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa ubeyisigebengu umfana onqunywe ikhanda eMlazi - Umbiko

Omakhelwane ababekhathazekile nabo bavinjwa ukuthi bangene endlini bashayela ucingo, kusho amaphoyisa.

Ngesikhathi kufika amaphoyisa, le ndodana kuthiwa yazama ukuwavimba ukuthi angangeni.

"Yagcina isiwavulele amaphoyisa, angena asesha indlu, athola isidumbu sesangoma sidindilize phansi egumbini laso lokusebenza.

"Lesi sangoma satholwa sishumpulwe ikhanda, ibhulukwe lisemadolweni, sisikwe umphambili," kusho uNowathe.

Le ndodana kusolwa ukuthi yaholela amaphoyisa ekhishini lapho okwakubekwe khona ikhanda layise efrijini. Yaphinde yawaholela ekhabetheni elisekugcineni lapho okwakubekwe khona isibhamu, ummese nesaha.

"Umphambili wawufakwe esikhwameni esasibekwe egumbini lokuphumula. Ibhulukwe lomsolwa laligcwele igazi.

"Umsolwa waboshelwa icala lokubulala."

- The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.