Isihluku kudutshulwa kubulawa usomatekisi

2016-11-07 14:32

Durban - Simuncu isimo KwaMbotho eHarding, eningizimu yeKwaZulu-Natal selokhu kudutshulwe isikhulu samatekisi esike sayibamba ekilabhini kanobhutshuzwayo, iDurban Bush Bucks edume ngelaMathole Amnyama ngezikhathi zayo ingakanyamalali ebholeni laseNingizimu Afrika, kubika ILANGA.

UMnu Phillemon Cebisa, 56), obenomuzi nakwa-BB eMlazi, eningizimu yeTheku, kusolwa ukuthi udutshulwe yizinkabi okukholakala ukuthi bezimlandela ngoLwesithathu ebusuku. Zimdubule eseyongena kwakhe.

UMnu Mthokozisi Dlamini oyilunga lomndeni kaMnu Cebisa, uthi kunemoto edlule umufi esezongena kwakhe yavulela ngentululwane yezinhlamvu washonela khona lapho.

Uthi umndeni usola ukuthi ukubulawa kwakhe kuxhumene nezinkinga zemboni yamatekisi.

UMnu Dlamini uthi bazwile ukuthi kukhona abebemsongela emuva kokuba usoseshini wakhe ubuzama ukuvula umzila naseBerea eThekwini.

Ubengusihlalo weSonqoba Taxi Association ephethe amatekisi asebenzisa umzila ophakathi kwehostela iWema neTheku nasezindaweni okubalwa kuzona iBizana e-Eastern Cape, ePort Shepstone naseHarding.

UMnu Cebisa  uke waba ngumphathi weBush Bucks FC ngeminyaka ye-1990 ebambisene noMnu Mandlendoda Mbili obenebhusha ehostela eDalton, eThekwini.

OLUNYE UDABA: 'Bekungeyena unogada obulale umfundi'

UMnu Cebisa udlula emhlabeni nje, kakukapheli sikhathi esingakanani kufihlwe uLawrence "Big Bear" Ngubane naye oke waba ngumphathi weBush Bucks.

Uzofihlwa ngempelasonto khona KwaMbotho. Imizamo yokuthola izikhulu zeSonqoba iphunzile.

ILANGA lihoshe ukuthi selokhu uMnu Cebisa ebulewe kazikaze zivele emndenini. UMnu Kwanele Ncalane okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uthe: "Siyakugxeka kakhulu ukubulawa kukaCebisa noma ngabe yini imbangela yakho kakusoze kwamukeleka.

Uma kuyizinkinga zemboni sizongenelela njengomnyango. UNgqongqoshe uKaunda ukhathazekile ngezigameko zokuhlaselana embonini yamatekisi. Ukudala ukuthula kule mboni ukubeke eqhulwini lezinhlelo zakhe."

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseHarding aphenya icala lokubulala kodwa abengakabophi muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.