Isihluku kuhlahlelwa ikhehla, isidumbu salahlwa emfuleni

2017-03-27 11:02

Durban - Usababaza umphakathi waseZinkunini oBonjeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngesihluku esisentshenziswe kubulawa ikhehla elineminyaka engama-66 ubudala, isidumbu salo esitholakale sintanta emanzini sinezimpawu zokuklajwa ngembazo nocelemba.

Isidumbu sikaSimon Thembitshe Stadium Mahlinza sitholakele ngoLwesine emfuleni obizwa ngeziNkunini.

Ngokusho komndeni wakhe, unyamalale ngesonto eledlule ngoMgqibelo engumuntu oyozidlela amanzi amponjwana njengoba vele bekuyinto abeyikhonzile.

Isidumbu sakhe sitholwe ngamalunga omphakathi abeyophuzisa izinkomo kulo mfula. Kuthiwa kubonakale ngamanzi ejike umbala, okukhomba ukuthi kunegazi eliqubukayo phakathi.

OLUNYE UDABA: Isihluku obenesikhwele enquma unina wengane

Amalunga omphakathi lawa asondele osebeni lomfula okuyilapho ebone khona izinyawo zomuntu kanti bese kuvele kwaziwa ukuthi kunyamalale umuntu omdala endaweni.

Ngokuthola kweLANGA, laba babikele omakhelwane abadlulisele umyalezo emaphoyiseni. Indlela okuthiwa uMnu Mahlinza ubeklajwe ngayo, ubebhekeki.

Elinye ilunga lomphakathi elibone lesi sigameko elicele ukuba lingadlulwa liveze ukuthi sekuvuka umkhuba omdala wokuhlahlelwa kwabantu endaweni bengonanga lutho.

"Le nto isibuyisela emuva lapho khona bekuyaye kusuke izigilamkhuba zihlalele abantu endleleni zifike zibabuze ukuthi kungani behamba ebusuku. Ingakaphumi impendulo kushe ucelemba.

"Besiye sizitshele ukuthi ngamasela afuna ukuthi sisheshe singene ezindlini emuva kwalokho angene ezibayeni aqoqe imfuyo yethu ahambe ngokukhululeka emgwaqweni.

"Okwenzeke kubaba uMahlinza kunobusathane phakathi. Noma ngabe kukhona abexabene naye, bekungafanele amhlahlele ngembazo, ikhanda liphelile lihlukaniswe izinqamu. Izandla zihlahlelwe nazo okukhomba ukuthi ubevika ngazo. Sikhalisana nomndeni kamufi ngokuwehlele ngoba uMahlinza bekuyikhehla elihlala ngokuziphuzela utshwala lingenazitha.

"Kumanje siyesaba ukuthi singahamba ebusuku ngoba ababulali bakhona lapha endaweni nakuba singabazi. Bekungeke kusuke abanye abantu kwezinye izindawo bazogila umkhuba khona lapha. Sicela iziphathimandla zethu ukuba zilubhekisise kabanzi lolu daba," kusho leli lunga lomphakathi.

Inkosikazi kamufi, u-Agnes Mahlinza, ithe kuyihlukumezile ukubulawa kwendoda yayo ngalolu hlobo ngoba ngokwazi kwayo uMahlinza ubengenazitha ezingaze zimlalele endleleni, zimhlahlele ngembazo.

"Ngokujwayelekile ubaba uyaye ayoziphuzela njengamanye amadoda, ntambama uyabuya. Siqale ukusola ngeSonto ntambama sizitshela ukuthi ulale kwamfowabo omncane.

"Sidumele sesithintwa ukuthi masiyobona isidumbu sisemanzini. Ubengabhekeki ngendlela ahlahlelwe ngayo, ubungathi bebebukisa ababulali.

"Okuyinkinga enkulu kakhulu, kumanje kasinalutho lokumngcwaba njengoba isomiso sihlasele sahamba nakho konke obekukhona.

"Sicela noma ngubani ongaba nosizo ukuba asondele asilekelele ngezindleko zomngcwabo ngoba kumanje kasikwazi ngisho nokukhipha usuku lomngcwabo. Ngihlukumezeke kakhulu ngokubulawa kwendoda yami ngalolu hlobo," kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokufa komuntu esiteshini samaphoyisa aseJozini.

Uthe kutholakale isidumbu sowesilisa sintanta emanzini sinezimpawu zokuklajwa ngembazo maqede sadluliselwa kodokotela abazokhipha umphumela mayelana nokufa kwakhe.

Uthe kakukaboshwa muntu amaphoyisa asaphenya.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.