'Isikhathele indodana yami yi-ex eyithumelela izithombe zocansi'

2017-02-07 19:33

Cape Town – Owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala uvulelwe icala lokuhlukumeza ngezinsolo zokuthumelela isoka izithombe zocansi ngeselula.

Leli cala livulwe ngumama wesoka.

UJenniffer Adams, 62, waseBishop Lavis, uthe indodana yakhe yahlukana nowesifazane waseMitchels Plain ezinyangeni ezintathu ezedlule kodwa manje ilokhu imhlupha ngokuthumelela izithombe zocansi.

OLUNYE UDABA: Izithombe zocansi ziwalola kakhulu amadoda – Umbiko

Lezi zithandani zinengane enezinyanga ezingu-6 izelwe kodwa u-Adams uthi sekuphele amasonto amaningi bengamuboni umzukulu wakhe ngenxa yokuhlukana kwabo kabi.

Uthe indodana yakhe u-Emile, 25, owenza umsebenzi wokuba ngunogada wahlukana noKashiefa Davids "ngenxa yokuziphatha kwakhe budlabha".

"Indodana yami yahlukana nalo wesifazane kepha usaqhubeka uthumela indodakazi yami izithombe zocansi," esho.

"Ukholelwa enkolweni yobuSulimane kodwa indlela aziphatha ngayo iyethusa. Waqala ukusabisa nokuhlukumeza indodana yami sase siyovula icala emaphoyiseni," echaza.

Kwesinye isithombe esitshengiswe abeDaily Voice, kubonakala owesifazane ebambe 'induku' enkulu.

AbeDaily Voice bakhulume noKashiefa, oziphikisile izinsolo, wathi nguye isisulu kulolu daba.

"Umama wakhe nguye ohlupha mina nobaba wami. Angikaze ngithumele isithombe esine'nduku' mina noma esihlobene nocansi. Angisazi nokuthi ngagcina nini ukukhuluma naye," esho.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant Colonel Andre Traut, uqinisekise ukuvulwa kwecala.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi kuphenywa icala lokuthuka inhlamba nokuthi bekungakaboshwa muntu noma akekho osethweswe icala okwamanje," kusho uTraut.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.