Isikhishiwe imininingwane ngenkonzo yesikhumbuzo kaLundi

2017-01-30 10:00

Cape Town – Abalandelii besihlabani somculo wokholo esisanda kudlula emhlabeni, uLundi Tyamara, bamenywa ukuthi baphume ngobuningi enkonzweni yesikhumbuzo yalo mculi ongasekho.

Imininingwane imi kanje:

Usuku: uLwesibili mhlaka-31 kuJanuwari 2017

Isikhathi: 14:00

Indawo: Grace Bible Church, ePimville, eSoweto.

OLUNYE UDABA:Kusenzima emndenini kaLundi ukwamukela isimo - Umbiko

Umphathi kaLundi, nophinde akhulumele umndeni, u-Anele Hlazo, uthe esitatimendeni: “Lesi yisikhathi sokuhlonipha nokukhumbula uLundi wethu obemkhulu nebesimthanda.

“Kuzonikeza umndeni kanye nabangani ukududuzeka okukhulu ukubona abaseNingizimu Afrika bekhumbula ukuthi ubengubani kanye nakho konke abekumele. Wonke umuntu umenyiwe.”

Lo mculi wowokholo washona ngoLwesihlanu kulandela ukuxinwa yisifo seTB yesisu kanye nokugula okuphathelene nesibindi. Ushone eseneminyaka engu-38 ubudala.

Imininingwane yomngcwabo kaLundi isazophothulwa kanti izokhishwa esikhathini esizayo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.