Isikhulu esimisiwe esikhundleni sithi simiswe ngezinhloso ezithize

2017-09-28 11:00

Johannesburg – UMqondisi Jikelele eMnyangweni wezaseKhaya uMkuseli Apleni ukholelwa ukuthi uNgqongqoshe uHlengiwe Mkhize ummise emsebenzini ngoba enezinhloso ezithize.

U-Apleni ubabele enkantolo ephonsela inselelo lokho akubiza ngesenzo esingenamqondo nesiphambene nomthetho asithathelwe nguNgqongqoshe.

U-Apleni uthi uNgqongqoshe ufuna aqede noma ashabalalise izinsolo ezibhekene noMnyango - okubalwa kuzona nezithinta inkampani yendodana yakhe uNgqongqoshe kanye nolunye oluthinta imali engu-R300 million.

OLUNYE UDABA: Bayitshele ezikabhoqo imeya emhlanganweni womphakathi

Uphinde wadalula ukuthi uNgqongqoshe ufuna nokuthi axazulule udaba oluthinta umndeni wakwa-Oppenheimer ofuna ukuvula i-VVIP centre e-OR Tambo International Airport.

U-Apleni uthi uNgqongqoshe akanalo ilungelo lokummisa emsebenzini ngoba akaqashwanga uyena, kodwa uMengameli.

UNgqongqoshe uMkhize uziphikile zonke lezi zinsolo ngesikhathi ekhuluma  nabe-eNCA, wathi uzophendula enkantolo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.