Isikhulu se-ANC sivulelwe icala lokudlwengula

2016-07-01 10:01

Pretoria – Iqembu le-ANC eTshwane seliziqhelelanisile nesikhulu salo eGa-Rankuwa Zone 20, esibhekene namacala okudlwengula owesifazane oyilungu leqembu.

Okhululema iqembu kulesi sifunda, uTeboho Joala, uthe i-ANC ngeke iphawule ingakatholi yonke imininingwane ngezinsolo zelungu layo elingeke lidalulwe okwamanje.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Lungelo Dlamini uthe kuvulwe icala lokudlwengula kanti bayaphenya.

Funda nalolu daba: 'Izobhedula udlame eyokuvalelwa ngaphandle kweNFP okhethweni'

Kuthiwa kodwa umsolwa uyaliphika icala uthi lena imizamo yokungcolisa igama lakhe ngaphambi kokhetho.

Isisulu sineminyaka ekuma-40s ubudala asisebenzi futhi kuthiwa umsolwa wasithembisa ukuthi uma elala naye uzosinika umsebenzi neminye imihlomulo. Umsolwa mncane kunesisulu.

- IOL 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.