Isikhulu sithi angeke simdedele umqeqeshi oyamaniswa neBafana

2017-01-31 13:00

Cape Town – USihlalo weSuperSport United, uKhulu Sibiya, uthi akazimisele nakancane ukudedela umqeqeshi waleli qembu lasePitoli okunemibiko yokuthi ungomunye walabo okuzokhethwa kubona umqeqeshi weBafana Bafana.

Namanje leli qembu lesizwe alikabi naye umqeqeshi ngemuva kokuthi inhlangano yebhola kuleli, iSouth African Football Association (SAFA), yaxosha obengumqeqeshi, uShakes Mashaba, ngoNovemba wangonyaka odlule.

Yize noma uMashaba esaphonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe, kubikwa ukuthi iSAFA iyaqhubeka nohlelo lokuthungatha umqeqeshi omusha.

OLUNYE UDABA: Usefakwe ohlwini lwabazoqeqesha iBafana owayeqeqesha eNgilandi

Phakathi kwabaqeqeshi abayamaniswa nalo msebenzi, ngokwemibiko eqagulayo, kubalwa abaqeqeshi basemazweni angaphandle, uClaude Le Roy, uRuud Krol, uCarlos Queiroz kanye noRoy Hodgson.

Kuphinde kuvele negama lomqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, edlala kuPremier Soccer League (PSL).

UBaxter uvele akamusha kuBafana Bafana njengoba wake wayiqeqesha eminyakeni engu-12 eyedlule. Kodwa-ke ngokusho kukaSibiya iBafana ayivele ikhohlwe yilo mqeqeshi owake wanqoba isicoco seNedbank Cup.

“Angimdedeli uBaxter. Nginentshisekelo kabi ngokuwina iligi,” utshele iSowetan.

“Okungafani nokushiwo (yisikhulu seSundowns) uPatrice (Motsepe) ngoPitso (Mosimane) ukuthi uzimisele ukumdedela [aye kuBafana], mina angizimisele ukudedela uStuart.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.