Isikhulu soMnyango sibhekene nawokukhwabanisa amathenda

2017-10-18 07:00

Cape Town  Owayeyisikhulu soMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho kanye nezokuVakasha eKapa ubhekene namacala enkohlakalo nawokukhwabanisa.

Lo msolwa owayeyiSekela likaMqondisi kulo Mnyango kanye nozakwabo baboshwe wuphiko loKlebe eKapa ngamacala ayisikhombisa okukhwabanisa kanye nawenkohlakalo.

Kukholakala ukuthi phakathi kuka-2009 kanye no-2011, lo msolwa wayeqashwe njengePhini likaMqondisi kuphiko lwezocwaningo kanye nentuthuko kulo Mnyango, wasebenzisa isikhundla sakhe ukuqasha inkampani kamngani wakhe (naye ongumsolwa) ngokuyinikeza amathenda ayisithupha.

OLUNYE UDABA: Sesishonile isikhulu sebhola esaxoshelwa inkohlakalo

La mathenda bekungawokuhlola umsebenzi kosomabhizinisi abasafufusa edolobheni eKapa kanye nokuqinisekisa ukuthi yonke imisebenzi yokucwaninga amabhuku yenziwa ngokucophelela.

Bobabili laba basolwa bazovela eNkantolo kaMantshi eKapa ngomhlaka-26 kwephezulu ukuze babhekane nala macala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.