Isikole simise umfundi owahlaselwa nguthisha eBloemfontein

2016-08-12 20:31

Johannesburg - Umama wengane yomfana eneminyaka engu-13 ubudala okusolwa ukuthi washaywa nguthisha  uthi isikole saseBloemfontein simise indodana yakhe.

Isigameko saqoshwa kwivideo. Lo wesifazane ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe ngenhloso yokuvikela indodana yakhe uthe, i-Academy of Excellence asizange siho lutho ngevideo kwaze kwaphela izinsuku ezinhlanu.

OLUNYE UDABA:  Isikole simise abafundi ebebekhalaza

"Bengingazi ukuthi kwenzekani ngendodana ngaze ngathola izingcingo ezivela kwizintatheli zibuza ngesigameko. Isikole asizange sisho luhto kimi kwaze kwasiza abezindaba ababebafakela ingcindezi," kusho lo mama.

Lo wesifazane uthi isigameko senzeka ngoLwesihlanu olwedlule kodwa umyeni wakhe waze washayelwa ucingo isikole ngoLwesithathu.

"Babizela ubaba wengane emhlanganweni kwathi ngemuva kwalokho  wangishayela ucingo ethi umfana wami umisiwe esikoleni njengoba kusalinde ukuba aqondiswe izigwegwe, kodwa wenzeni umfana wami?" kubuza lo mama.

Lo mama uthi indodana yakhe kusolwa ukuthi yabandakanyeka kwingxabano nomuney umfundi kubangwa iphepha ngesikhathi uthisha ethi akaphume.

"Kuthiwa wanqaba ukuhamba ngesikhathi uthisha emukhipha wabuza ukuthi kungani kukhishwe yena kuphela ekilasini. Lo thisha wadinwa wamkhipha emdonsa ngesamqaleni, wamuphosa phansi wase emnyathela."

"Ngayibona ivideo kanti futhi ngiphatheke kabi. Ubani owenza into enje komunye umuntu? Ingane yami isahlukumezekile kanti futhi ngicabanaga ukumthathela izinyathelo lo thisha ngoba isikole siyamuvikela nomnyango wezemfundo awusizi," kusho lo mama ethukuthele.

UMnyango wezeMfundo eFree State uthe uyazi ngodaba nangesikole esizimele, iyaluphenya udaba.

Imizamo yokuxhumana nesikole ngoLwesihlanu ayiphumelelanga, kubika iTimeslive.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.