Isikole sixoshe abafundi abangu-12 abangamahlongandlebe

2017-01-27 18:03

Mbombela – Abafundi abangu-12 baxoshiwe esikoleni iTikhontele Secondary School eMatsulu ngoba bengalawuleki.

Laba bafundi banikezwe imiphumela yabo yango-2016 kanye nezincwadi ezigunyaza ukuthi bangabhalisa kwezinye izikole abafisa ukufunda kuzona.

Ngokusho komunye wothisha ongafunanga igama lakhe lidalulwe laba bafana benza ibaba 8 nebanga 9.

“Angikholwa ukuthi lezi zingane zifuna ukufunda, zazihlala zifika ngemuva kwesikhathi esikoleni futhi zingabahloniphi othisha.

OLUNYE UDABA:'Abafundi badinga ukwesekwa ngaphambi kokuphuma kwemiphumela'

Omunye wabazali bezingane ezixoshiwe uthi akayithandanga indlela lesi sikole esiluphathe ngayo lolu daba.

“Uma ingane yami ingaziphethe kahle, ngilindele ukuthi iqondiswe izigwegwe. Ngalova emsebenzini ngoLwesihlanu ngomhlaka 20 kuJanuwari ngibizelwe emhlanganweni kodwa akukho lutho olutheni olwalukhulunywa,” kusho lo mzali.

Lo mzali uqhubeke wathi ukhathazekile ukuthi isizokwenzenjani ingane yakhe njengoba isixoshiwe esikoleni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.