Isililo abazali babona abantu ababaziyo kwelokubulawa kwengane yabo

2016-05-06 14:32

Cape Town – Abazali bentombazanyana eneminyaka eyisithupha uSadiqah Lippert eyadutshulwa ngaphandle komuzi kagogo wayo bashaqekile ngoba bayamazi umsolwa oboshiwe.

USamier Slamang, 26, noWayland Botha, 22, bavele eNkantolo kaMantshi e-Athlone Magistrate lapho bekuvunyelwe abezindaba kanye nabazali bakamufi kuphela ngenxa yokuthi umphakathi ubusabisa ngokubabulala abasolwa.

USadiqah washonela esibhedlela ngoLwesibili ngemuva kwamahora ambalwa adutshula. Kuvele kwaqhuma isililo kumama wale ntombazane ngesikhathi abasolwa bebuyela ezitokisini.

OLUNYE UDABA:Ababulali abazi ukuthi sibakhulekela kanjani - Amasistela

Laba basolwa bazilethe bona emaphoyiseni kanti kuthiwa lesi sigameko senzeke ngesikhathi kulwa amaqoqo ezigebengu kubangwa izidakamizwa.

USlamang utshele unina kamufi ukuthi akuyena obulale le ntombazanyana. Lo mama uthe uyabazi bobabili laba basolwa.

“USlamang wayejwayele ukuhamba nengane yami, ikhulele ngaphansi kwakhe. Angimkholwa uma ethi akayena umbulali, usaba ukubhadla ejele,”kusho lo mama.

-Daily Voice

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.