Isililo kudlula emhlabeni isihlabani sikamabonakude uMichelle Molatlou

2017-12-20 14:01

Johannesburg – Isihlabani sikamabonakude sakuleli esake saba nguzime, uMichelle Molatlou, asisekho emhlabeni kulandela ukuphathwa wumdlavuza wesibeletho.

UMolatlou waba nguMiss Black South Africa wokugcina ngaphambi kokuthi lo mncintiswano uvalwe ngo-1993.

Wadlulela phambili waba ngumethuli wohlelo lukamabonakude olwalutshengiswa ku-SABC 2 iMamepe, waphinde walingisa emidlalweni kamabonakude okubalwa kuyo iKgalelo PeloIn the Name of LoveMokgonyana Matswale kanti ubesanda kubonakala kwiGenerations: The Legacy.

Isitatimende esikhishwe ngumndeni kaMolatlou sifundeka kanje: "UMichelle ubengungwe wumndeni nabangani futhi eluthola nothando. Udlule emhlabeni ngemuva kwempi enzima yomdlavuza wesibeletho ngoLwesibili, mhlaka-19 Disemba eNational Hospital, eBloemfontein."

Lesi sitatimende siqhubeka sithi: "Yize sizilele umuntu obezithobile futhi enomdlandla, siphinde sibungaze impilo yakhe ngethemba lokuthi izoba yisibonelo entsheni umhlaba wonke ukuba igqugquzeleke ekutheni isebenze kanzima ukufezekisa amaphupho ayo."

Funda isitatimende esifakwe enkundleni yezokuxhumana nguPhil Mphela lapha ngezansi:

Alokhu etheleke njalo amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana kusukela kuzwakale izindaba zokushona kukaMolatlou:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.