Isililo kudlula emhlabeni usolwazi obedume umhlaba wonke

2018-03-14 11:02

London - Usolwazi odume umhlaba wonke waseBrithani, uStephen Hawking, udlulile emhlabeni eneminyaka engu-76 ubudala, kusho isikhulumi somndeni ngoLwesithathu.

"Sidumele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukababa wethu okumenele namhlanje," kusho izingane zikaSolwazi Hawking, uLucy, uRobert, noTim kusho isitatimende esishicilelwe kwiPress Association News Agency. "Ubeyinkakha kasosayensi futhi eyindoda eqotho eshiye umaka ngamagalelo ayo kule minyaka eminingi eyedlule."

UHawking wazalwa ngomhlaka-8 Januwari 1942 - ngemuva kweminyaka engu-300 kwashona usosayensi owayedume umhlaba wonke uGalileo Galilei - kanti lokhu kwamenza wakholelwa ekutheni ubizelwe kwezesayensi.

Nokho impilo kayizange ibe mnandi kuye njengoba echithe ingxenye yempilo yakhe ehlezi esihlalweni esihamba ngamasondo ngenxa yokukhubazeka ngemuva kokuthola ukuthi unesifo i-amyotrophic lateral sclerosis (ALS).

UHawking watshelwa ukuthi usalelwe yiminyaka emibili kuphela ephila ngemuva kokutholakala ukuthi une-ALS, kepha wakwazi ukuphila isikhathi eside kunaleso ayesibekelwe, yize impilo yakhe ibicikiza.

IZITHOMBE:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.