ISilo kumele sihlukane nokuphaka impi, kusho uMalema

2018-03-09 12:30

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema usexwayise iNkosi yamaZulu iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini ukuba siyeke ukuphaka impi ngokuthi simelane nezinhlelo zokuthi kuhlakazwe iNgonyama Trust Board bese umhlaba ongaphansi kwayo ongu-3 million hectares ubuyela ngaphansi koMbuso.

UMalema ugcizelele ngokuthi ukulungele "ukufela empini" njengoba emile kwelokuthi umhlaba kumele ubuyele kuhulumeni, okumele kube yiwo ozuwabela abantu.

Uthe akumele kube khona abantu abasatshiswayo noma abasatshwayo njengeSilo, esizwakale sihlikihla usawoti esilondeni kuleli sonto mayelana nodaba lomhlaba.

IMbube izwakalise ukuthi isizwe samaZulu sizolilwela ifa lomhlaba.

“Uma ngempela kungukuthi umhlaba ongaphansi kwamakhosi kumele usize abantu, nohulumeni angawenza lowo msebenzi. Ngaphandle-ke uma umhlaba uhlomulisa abathile," kusho uMalema.

OLUNYE UDABA: Asiyidingi i-grant, sifuna umhlaba - Malema

“Akungakhulunywa ngempi, akungabikho muntu ophaka impi. Asizwakalise imibono yethu ekutheni kungani umhlaba kungamele ubuyele ngaphansi kukahulumeni," kusho uMalema etshela izintatheli ngoLwesine ekomkhulu leqembu eGoli.

“Siyasithanda kakhulu iSilo, siyaseseka futhi, saze sasinikelela ngenkomo. Kepha uma kumele sisiphikise, ngeke singabaze ukwenza lokho. Akumele kube khona umuntu osatshwayo. Izinto kumele kukhulunywe ngazo ngisho noma ngabe lokho kusho ukuphikisana neNkosi yamaZulu.

"Intando yabantu ichaza ukuthi akumele kube khona esikusabayo," esho.

UMalema uthe abalwisani namaZulu, kepha abakushowo wukuthi umhlaba ongaphansi kwamakhosi - akukhathaleki useLimpopo noma e-Eastern Cape - ngeke ushiywe ngaphandle uma uMbuso usungenelela.

Uthe inhloso wukuthi wonke umuntu omnyama ezweni abuyiselwe umhlaba, okubalwa namaZulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.