ISilo sesikhiphe i-akhawunti okuzofakwa kuyo o-R5 esibacele kumaZulu

2018-03-07 18:00

Johannesburg – ISilo samaBandla wonke uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu usefunge wagomela ngokuthi uzosivikela isikhwama iNgonyama Trust waphinde wanxusa amaZulu ukuba amsize kule mpi.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi ikomidi lezokuthuthukiswa kwezindawo ezisemakhaya kanye nokubuyiswa komhlaba ePhalemende kulindeleke ukuba lethulelwe inkulumo nguDkt Aninka Claassens ngezincomo zethimba eliphezulu eliphenya mayelana nokubuyiswa komhlaba nokuthuthukiswa kwezindawo ezisemakhaya.

Leli komidi kulindeleke ukuthi futhi lethulelwe inkulumo nguMnyango kanye nebhodi lesikhwama ngokuthi kuguqulwe iPermission to Occupy emhlabeni ongaphansi kweNgonyama Trust wenziwe amaLong-term lease.

Ngokusho kombiko weSABC, iMbube ibikhuluma namakhosi oLundi ngoLwesibili yawacela ukuba avikele lesi sikhwama.

UBhejane phuma esiqiwini ucele amaZulu ukuba anikele ngo-R5 ukuze bezokwazi ukulwisana nokuhlakazwa kwalesi sikhwama.

OLUNYE UDABA: ISilo sinxuse amaZulu ukuba anikele ngo-R5 umuntu emunye

Ithimba eliholwa yilowo owayengumengameli uKgalema Motlanthe, yilo elaphakamisa ukuba kuhlakazwe lesi sikhwama.

ISilo sesiqoke ithimba lamajaji asathatha umhlalaphansi ukuba kulwiswane nalesi siphakamiso.

"Kunabantu abaningi ababelokhu bebuza ngale akhawunti yasebhange, nokuthi izikhishwa nini...laba ngabantu abeseka umbuso kaZulu nabalwela ifa lethu.

"Inombolo ye-akhawunti yasebhange ithi 9241981117," kusho iNkosi yamaZulu. Le akhawunti ngeyase-Absa.

Lowo oyibamba likaNdunankulu KwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthe uhulumeni uyayeseka imibono yeSilo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.