Isimo okhulele ngaphansi kwaso asichazi ukuthi uzophelela kusona

2016-05-25 14:33

Durban - Uhlelo lwesiteshi somsakazo iVuma FM olushayelwa nguMathumo Manaka luphrojuswe nguPhumlani Dube  iThe Vuma FM Drive ikhulume nomunye wososayensi bakuleli uSakhile Nsukwini waseHluhluwe osehlala eMpumalanga.

UNsukwini uneziqu zeMasters kwizifundo ze-Geography and Environmental Management eNyuvesi yaKwaZulu-Natal kanti okwamanje wenza iziqu zobudokotela kulezi zifundo.

Ebuzwa ngesimo akhula ngaphansi kwaso ekhuliswa ngunina ongayedwana uthe ucabanga ukuthi kuyinto ejwayelekile kwindlu emnyama ikakhulukazi abantu abasuka ezindaweni zasemakhaya. 

“Ngisafunda bengingesiye umuntu othanda izinto njengoba bengigxile kakhulu ezifundweni zami.

"Impilo ibingelula neze kodwa uma wazi ukuthi ufunani empilweni futhi uzimisele ukubhekana nento eyodwa ngaso sonke isikhathi.”

OLUNYE UDABA: Ungamsiza kanjani lo onenkinga engajwayelekile?

UNsukwini uthe ekhula wayengekho osebenzayo kubo kodwa kwakudayiswa utshwala besintu, isiqatha, okuyiso esasibabekelea isinkwa etafuleni futhi ngafunda ngemali yaso.

Uthi wayekhuthazwa ngabacwaningi bakule ndawo ababefunda emanyuvesi ahlukene, kubalwa i-University of Cape Town.

Kungekudala le nsizwa izohambela ezweni lase-United Kingdom ngohlolo lososayensi lapho bazobe becobelelana ngolwazi ngemisebenzi yabo. 

UNsukwini ekhuthaza abantu abasha asebelahlele ithawula uthe ukuthi wakhula kanjani akuhlangene nokuthi uphokophele kuphi.

Ukukhula kanzima noma ngaphansi kobumpofu akusiyo into engakuvimba ukuthi uphumelele.

Kulabo abenza umatyikuletsheni uyacela ukuba bagxile ezifundweni zabo kuphela bakhohlwe okwenzeka emacaleni.


“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.