Isinde ngokulambisa iMeya kushiswa umuzi wayo

2017-08-23 07:01

IMeya yasedolobheni laseMooi River isabela impilo yayo ngemuva kwemizamo engaphumelelanga yabantu beshisa umuzi wayo, kubika iThe Citizen.

IMeya kaMasipala waseMpofana, uXolani Duma, kanye nomndeni wayo baphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokuhogela intuthu ngoMsombuluko ebusuku.

Kuthiwa iqulu labantu ligasele emzini kaDuma ezintatha zangoMsombuluko, lo mndeni usalele.

Abasolwa bashise amathayi eduze kwalo muzi, kanti umndeni wakwaDuma ubuhluleka ukuphuma ngoba yonke intuthu ibingena endlini.

Lokhu kuhlaselwa kwalo mndeni kulandela isigameko sangonyaka odlule lapho kwadutshulwa kwabulawa khona uSimo Mncwabe owayeyi-Chief Financial Officer kulo masipala.

OLUNYE UDABA:IMeya yeTheku ithi wonke amakhansela kumele akhulume isiZulu

UMncwabe wadutshulwa wabulawa ehambisa izingane zakhe esikoleni ngemuva kokuthola imiyelezo emsabisayo.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNomusa Dube-Ncube, usigxekile lesi senzo sangoMsombuluko.

"Siyakugxeka kakhulu ukuhlaselwa kwalo mndeni futhi sifuna ukuthi abezomthetho bathathele abenzi bokubi izinyathelo ezinqala," kusho uNcube.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.