Isindile ingane, 2, elunywe yimfezi

2017-02-10 18:00

Cape Town - Kubikwa ukuthi ibe nenhlanhla intombazane eneminyaka emibili ubudala yaseCitrusdal njengoba isaphila ngemuva kokulunywa yinyoka yohlobo lwe-Cape Cobra.

Isigameko senzeke ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: Uselala phandle ugogo obone inyoka endlini

Le ngane yadluliselwa esibhedlela iTygerberg isuka kwesaseCitrusdal.

Okhulumela isibhedlela iTygerberg, uLeticia Pienaar, uthe: "Ingane ingeniswe esibhedlela ngomhlaka-4 Febhuwari kanti njengamanje isesimeni esigculisayo."

Njengoba kusehlobo nje izinyoka zithe chithi saka.

Ngasekupheleni kwenyanga eyedlule kwaxwayiswa izakhamuzi zaseThekwini kulandela ukuduka kwenyoka yohlobo lweRinkhals kuleya ndawo.

Kusolakala ukuthi le nyoka yanyonyoba yayongena elolini elalisuka eGauteng.

Lokhu kulandela ukuthi ufeleba walolu hlobo usanda kubonakala kwenye yamaloli ezinsukwini ezimbalwa ezandulela ukubonakala kwayo eThekwini.


 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.