Isinqumo se-IAAF sicindezela intandokazi yakuleli uCaster Semenya

2018-04-26 16:01

eThekwini -Ziningi izikhalazo okulindeleke ukuba zivele kulandela umbiko wenhlangano eyengamele abasubathi emhlabeni wonke jikekele.

Isinqumo sale nhlangano siqondiswe ngqo kubasubathi besimame kanti sicindezela intandokazi yakuleli uCaster Semenya.

Kuthiwa le ntokazi kumele idle imishanguzo yokwehlisa izinga le-testosterone uma esanezifiso zokuncintisana kwimijaho ye-400m.

Lokhu kulandela isinqumo esithathwe ngabe-IAAF ngoLwesine lapho kuguqulwe khona imigomo nebibandela kwabesimame abancintisana kowama-400m, 400m hurdles, 800m, 1 500m nokunye.

Le nhlangano ikhiphe isitatimende esithi le mithetho emisha ichaza ukuthi labo abanobulili obakheke ngendlela ehlukile kanye nalabo abazwila kakhulu ku-androgen kumele balandele umhlahlandlela othile ukuqinisekisa ukuthi baba sesingeni elifanelekile ukuze babambe iqhaza kule mincintiswano.

OLUNYE UDABA: Injabulo kuvulwa isikhungo sezemidlalo KwaDukuza

Le migomo emisha ebekiwe ithi:

- Kumele kwaziwe ngokusemthethweni ukuthi ungumuntu wesimame noma uziguqulele kulobo bulili

- Kumele ehlise izinga le-testerone elisegazini libe ngaphansi kuka-(5) nmol/L isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha (lokhu angakwenza ngokudla imishanguzo yemizwa.

- Kumele akwazi ukugcina izinga le-testosterone elisegazini lingaphansi kuka-5 nmol/L ngaso sonke isikhathi (noma engancintisani, uma-nje esanesifiso sokuba yingxenye yemincintiswano yabasubathi ngokuzayo.

Lezi zinguquko zizoqala ukusebenza ngokusemthethwini ngomhlaka 1 Novemba kulo nyaka nokusho ukuthi uSemenya nabanye abasubathi abathintekayo bazokwazi ukuqhubeka nemincintiswano yase-Europe esizoqala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.