Isiphinde yaxosha abanye abadlali i-Arrows

2017-01-23 18:04

Durban - Kuyabhujwa yizembe kwiLamontville Golden Arrows esiphinde yaxosha abadlali abathathu uChris Katjiukua waseNamibia, uQuincy Ngcobo noSandile Dlamini.

Laba badlali bachithwe ngaBafana Bes'thende kungakapholi maseko le kilabhu ixoshe ngeledlule uMauricio Barrios, uClifton Miheso noVelile Zitha.

OLUNYE UDABA: UBaxter angase aphinde ahlomule kwiChiefs

Kuthiwa laba badlali bachithwe ngenxa yokuthi kabekho ezinhlelweni zikaClinton Larsen olwela ukuqinisekisa ukuthi le kilabhu isonga isizini ikwiTop 8.

Izindaba zokuxoshwa kwalaba badlali ziqinisekiswe nguGordon Masondo oyisikhulu esiphezulu kule kilabhu ephethwe nguMato Madlala oyisikhulu esiphezulu kwiPremier Soccer League (PSL).

* Kuzo ezokuxoshwa kwabadlali, iRoyal Eagles egijima kwiNational First Division (NFD) ibolekise ngoBongani Ruben Xulu kwiReal Kings elolongwa nguSimo Dladla.

Izindaba zokubolekiswa kwiKings kukaXulu ziqinisekiswe kuleli phephandaba, ILANGA nguRichard Makhoba oyimenenja ye-Eagles.

* UKamaal Sait ujoyine iSantos ukuba yisekela likaTony de Nobrega ongumqeqeshi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.