Isiqala ukudida ekaSiyanda Xulu neKaizer Chiefs

2016-07-03 14:01

Johannesburg - Imenenja yezebhola kuKaizer Chiefs, uBobby Motaung, umile kwelokuthi ngeke abe yingxenye yeqembu ngesizini ezayo umdlali wasemuva uSiyanda Xulu.

Lokhu kulandela ukuvela kwemibiko ethi iChiefs isinqume ukuxolela abadlali abathathu abebefakwe ohlwini lwabadlali abasendalini, kubika iKickOff.com.

Kula badlali bekubalwa uXulu, uSiphelele Mthembu no-Edward Manqele.

UXulu wathola ukugxekwa okukhulu kulandela isizini ka-2015/16 engabanga yinhle ngemuva kokujoyina iChiefs esuka eRussia.

OLUNYE UDABA: IChiefs ‘isixolele’ abadlali abathathu abebekhonjwe indlela

U'Bobsteak' uthe baludingidile daba lukaXulu baphuma nesinqumo sokuthi kuhle bamdelele.

"Sibone kukuhle ukuthi simdelele ayodlala kwenye indawo ngoba isizini ezayo izobe inzima kakhulu.

"Kuhle uXulu adedelwe aye la ezothokoza khona futhi azizwele esekhaya."

UMotaung uthe ngeke aphawule ngezinsolo ezithi lo mdlali udedelwe aMakhosi ngenxa yokungaziphathi kahle.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.